ubugebengu
Isikhwele esacekela phansi ongenacala
U-Evelyne Minto
Essono owacekelwa phansi ngendlela exakile nge-acid, uthola umdlandla
wokubhekana nempilo entsha kwi-millennium entsha - ubonga isihe sabantu
abangamazi nguBRONWEN JONES
ISonto lomhlaka 18 October wusuku angasoze alulibala u-Evelyne Minto
Essono. Ngalolusuku ngo-1998 wahlaselwa nge-acid ngephutha lokufaniswa. Le-acid
yamuhlibula ekhanda, esifubeni kanye nasezingalweni, wasala ekhubazeke impilo
yakhe yonke. U-Evelyne manje useneminyaka engu 25. Esikhathini esedlule
wayeyintokazi esencane enhle ezimisele ngokusebenza ukuze asize abafowabo
nodadewabo abancane, aqedele izifundo zakhe kuthi ngelinye ilanga ashade
abenezingane zakhe.
Wayehlala eLibrenville, enhlokodolobha yaseGabon enkabeni ye-Afrika.
Phezu kokuba aqala isikole eneminyaka engu 10, ukwazile ukuqeda i-baccalaureat
(u-matric eNingizimu Afrika). Ngesikhathi samaholidi nangezimpelasonto
u-Evelyne wayesebenza njenge-receptionist e-Africa No. 1 - isiteshi somsakazo
esisezingeni eliphezulu.
Wayeqhamuka emndenini omkhulu onentokozo. Nakuba abazali bakhe sebashona
kodwa babambisene njengomndeni. Emva kokuba sekushone ubaba ka-Evelyne, wahamba
wayohlala efulethini eliseSotenga nomzala wakhe uHuguette Ndzigue, owenza
izifundo ze-accountancy nesiNgisi enyuvesi, omdlula ngeminyaka emibili.
Lelifulethi lalinendawo yokuhlala, eyokulala nekhishi kanti izinto
zokuwasha zazingaphandle. Omakhelwane babo kwakungabantu besilisa
abaseminyakeni yo 40. Ngakolunye uhlangothi kwakuhlala intokazi ekuma 20s
nodadewabo. Eduze kwabo kwakukhona umuntu wesimame owayebizwa ngokuthi
uRosette.
U-Evelyne wayebabingelela omakhelwane bakhe, kodwa wayengabazi ngoba
wayehlale ematasa esebenza, efunda, eya esontweni futhi evakashela nomndeni
wakhe. U-Huguette wayethandana nendoda eshadile ebizwa ngokuthi wuLouis-Martin
- kwaba ngukuphinga kwalomuntu wesilisa okwacekela phansi impilo ka-Evelyne.
Usuku olubuhlungu ku-Evelyne kwaba yiSonto lomhlaka 18 October 1998.
Ngalelolanga ekuseni ngo 9.00am waya esontweni. U-Huguette akazange aye
esontweni ngalelolanga ngesizathu sokuthi wayekhathele. Emva kwenkonzo
u-Evelyne wavakashela uSamuel Obame Zogho kanye nendodakazi yakhe ngesikhathi
sesidlo sasemini. Emva kwalokho waya kosebenza esiteshini somsakazo kusukela
ngo 3 emini waze wafika ekhaya ngo 8.30 ebusuku.
Ngaphandle kwasefulethini ebusuku kwakumnyama kanti nemigwaqo engenela
kulona emibili mincane. U-Evelyne wayekhululekile ngoba eSotega yindawo
ephephile. U-Huguette wayengekho ekhaya, ngakhoke u-Evelyne isidlo sasebusuku
wasidla yedwa wabe eseshintsha akugqokile. Wayekhathele kanti futhi njengoba
kwakushisa wazilalela ngezinto zangaphansi. Washesha ukulala, kodwa emva
kwesikhathi wavuswa owayengqongqoza emnyango. Wabhinca ithawula wabe eseyabuza
ukuthi ngubani ongqongqozayo. Ngalesosikhathi kwakungu 10.00 ebusuku. Wezwa
izwi likaLouis-Martin Wora - isoka eselithandane noHuguette iminyaka
elinganiselwa kwemihlanu.
Lensizwa eyayineminyaka elinganiselwa ku 40 yayisebenzela uhulumeni.
Unkosikazi wayo nezingane babehlala endaweni yabezambane likapondo eyaziwa
ngokuthi iGlass. U-Evelyne wayemazi uLouis-Martin njengoba wayethandana
noHuguette, kodwa wayengazi noma unkosikazi wakhe uyazi ngaloluthando futhi
no-Evelyne engenandaba nokuthandana kwabo.
Ngoba wayeselizwile izwi lakhe, wavula umnyango. U-Louis-Martin
ngayehamba nomngani wakhe wesilisa u-Evelyne angakaze ambone esikhathini
esedlule, kanye nomfowabo omncane. Babephathele uHuguette obhanana. U-Evelyne
wabuza ukuthi bangalinda yini kuze kufike umzala wakhe, uHuguette. Bathi ngeke
bakwazi kodwa bazofika ngakusasa.
U-Evelyne waphindela kolala. Kukhona namanye amafulethi asondelene
nalendawo ahlala kuyona. Kanti uma ukwamanye wawungakwazi ukubona umnyango
ongaphambili walapho kuhlala khona u-Evelyne. Owesimame obizwa ngokuthi
nguHermine ohlala ekugcineni kwefulethi nesoka lakhe wabona owesimame ozimboze
ubuso enikeza umfana ofake isigqoko isitsha sikapulasitiki. Ngalesosikhathi
wayengacabangi ukuthi kukhona isehlo esingenzeka, kodwa emva kwezinsukwana
uHermine nomunye umakhelwane, uMeme, basibona lesositsha efulethini
lika-Evelyne. Babona uHuguette esilahla kanye nethawula elivithikile.
Emva kwemizuzu emihlanu ehambile uLouis-Martin nahambisana nabo kukhona
owaphinda wangqongqoza efulethini lika-Evelyne. Wacabanga ukuthi
nguLouis-Martin - wazitshela ukuthi kukhona akukhohliwe. Wavula umnyango
ngaphandle kokubuza ukuthi ngubani. Asizange sibekhona isikhathi sokuvala
umnyango noma esokuzivikela ngesikhathi lomfanyana emjikijela ngesitsha
esinokuthile okuwuketshezi.
Lomfanyana wayegqoke isigqoko esikhanyayo. Wayecishe alingane naye
u-Evelyne ngobude. Le-acid amthela ngayo yagcwala ubuso, esifubeni kanye
nasezingalweni. Enye yamthela emhlane nasezinyaweni. Wabuzwa ngalesosikhathi
ubuhlungu wazwela namakhaza.
U-Evelyne akakaze ambone lowomfana esikhathini esidlule futhi ukholwa
wukuthi akazange ahlangane naye emva kwalesigameko. Ucabanga ukuthi ngeke
asakwazi ukumkhomba - kodwa uthi kunokwenzeka ukuthi naye yamthela kancane
i-acid. Lowomfana wabaleka u-Evelyne wabe esecela usizo. Ithawula lakhe
lashiswa yi-acid. Waya kongqongqoza kwelinye ifulethi, kodwa indoda eyaphendula
yavele yashaya umnyango. Emva kwesikhathi wabona ukuthi lendoda kunokwenzeka
ukuthi lokhu yakwenziswa ukubona ukuthi unqunu noma yezwa iphunga lesikhumba
esishayo. Wangqongqoza nakweminye iminyango kodwa akekho owaphendula. Waqhubeka
wakhala efuna usizo.
Ekugcineni owesimame obizwa ngokuthi nguNadege waqhamuka emgwaqweni
oseduze. Wamthela ngamanzi u-Evelyne kodwa i-Acid yabe isimkhinyabeze kakhulu.
Wabiza itekisi ezoyisa u-Evelyne esibhedlela. Emva kwalokho kwafika uHuguette
wabe esehamba nabo ngetekisi. U-Evelyne wahlala esibhedlela kusukela ku-October
kuya kuJanuary wonyaka olandelayo. Yilapho engahlangana naye khona. ENingizimu
Afrika ngachitha isikhathi sami esiningi ngisiza ngivikela ukulimala kokusha
futhi ngisiza nabantu abalinyazwe wukusha. Nakuba eGabon ngangiye khona
ngomsebenzi wokubhala ngezihlahla kodwa nakhona ngaphinda ngabuza ngezingane
ezishile. Ingxoxo eyayiphakathi kwami nomshayeli wetekisi yangiholela
kuCoulibaly Soungalo indoda encane eyayisebenza kwezabaqaphi futhi neyafundela
ezomthetho.
Lensizwa yasheshe yasamukela isicelo sami njengoba ngangifuna ulwazi,
yangisiza mahhala yangitolikela engangifuna ukukwazi. Zonke izibhedlela
zikahulumeni zazisesitelekeni esasesithathe izinyanga ezine. Abantu bangitshela
ukuthi owesimame owasha ngaphambi kwesiteleka usesesibhedlela. Ngambona
okokuqala ngalesosikhathi u-Evelyne. Wayelele yedwa esibhedlela esingenamuntu,
esezinhlungwini zamanxeba ayevulekile. Igumbi ayekulona lalingekho esimweni
esikahle kanti futhi kwakudingeka ukuba azitholele yena izinto zokulala.
Ngambuka lomuntu wesimame oneminyaka engu 24 owayesosizini kanti
ngalesosikhathi angizange ngicabange ukuthi esikhathini esiphambili wayemuhle
kanjani, ngaze ngabona izithombe zakhe. Ngabuza udokotela ukuthi isimo sakhe
siqhubeka kanjani. Impendulo engayithola ngeyokuthi alukho abangalwenza.
IGabon ayinaye ngisho noyedwa udokotela oyi-plastic surgeon. Noma
ngubani oshe kakhulu futhi ophilile usala eyilokho ayikhona kuze kube phakade.
Iningi labantu abantulayo alikwazi ukuphila ngesizathu sokuthi imigwaqo ayikho
esimweni esikahle futhi nezinto zokuhamba ezingafinyelela endaweni yokuthola
ukulashwa ziyindlala. U-Evelyne wakwazi ukuqhubeka nokuphila kodwa ngesikhathi
ngihlangana naye wayeselilahlile ithemba. Izingalo zakhe zase zingasanyakazi.
Isisindo sakhe sasesehle ngo 20kg.
Lelizwe linezikhungo zikawoyela neminye imikhiqizo embiwa phansi.
Kukhona amahlathi angenza imikhiqizo eseqophelweni eliphezulu. UMongameli
wakulelizwe u-Omar Bongo uhlala endaweni enhle. Kodwa phezu kwakho konke lokho
lwalungekho usizo olwalungatholwa wu-Evelyne. Ngamutshela udokotela ukuthi
akame kancane ukuze ngibone ukuthi alukho yini usizo engingaqhamuka nalo.
Ngangazi ukuthi angakwazi ukusizakala ngoba ngesikhathi esedlule ngake
ngayisiza ingane eyayishe ngendlela exakile. Kodwa ngangingazi ukuthi
ngizoyithola yini imali yokumelapha.
Ngabuyela lapha eNingizimu Afrika ngazokwenza amalungiselelo okuba
u-Evelyne azohlinzwa eNetcareÕs Sunninghill Hospital. U-Evelyne
usehlalele ethembeni njengoba eseseNingizimu Afrika kanti futhi kunabanye
abantu asebefake isandla abafana noMarysia Dusinski oseSouth African Embassy
eGabon, Coulibaly Soungalo, inhlangano yabantulayo yaphesheya kwezilwandle
ebizwa ngokuthi iMiracles, iSizanani Catholic Mission, abe-Air Gabona kanye
nabanye abantu abazimele - ikakhulukazi uDavid Astor, Vernon Ching, Marie
Antoinette Pereira kanye noJulia Ray.
Bonke labantu bangikhumbuza udaba lwaseBhayibhelini loMsamariya
olungileyo. Sekuphele isikhathi esingangonyaka u-Evelyne ehlala ekhaya lethu
elincane. Isisindo sakhe sesinyuke ngo 8kg futhi useqale ukufunda i-tennis
kanti isikhathi sakhe usisebenzisela ukuthola ulwazi ezintweni ezifana
ne-computer, ukuthunga kanye nokufunda isiNgisi. Kodwa akudinga kakhulu
wukuhlinzwa okuseqophelweni eliphezulu futhi okubizayo okuzokwenziwa emhlane,
emqaleni kanye nasebusweni. U-Lawrence Chait oyi-plastic sergeon ePark Lane
Clinic eGoli wabeka umbono wokuthi lentokazi kufanele ibuyiselwe ikhala
elizosuselwa esiphongweni kuya endaweni yalo.
Lokho kuhlinzwa kungabiza imali elinganiselwa kuR250 000. Ngicabanga
ukuthi ikhona indlela ethile yokuthola imali, kodwa okwamanje anginalo ngisho
nesenti elingalekelela ekuhlanganiseni lemali. U-Evelyne watshelwa ukuthi
owesimame owacekela impilo yakhe phansi kwakungenye yezintombi
zikaLouis-Martin. Sesiyalazi igama lakhe kanti futhi sikholwa wukuthi lokhu
kwakuqondiswe kuHuguette, hhayi u-Evelyne.
Umenzi wobubi akulula ukuba ayoquliswa icala ngoba alukho usizo
lwezimali zabameli eGabon kanti umndeni ka-Evelyne uyantula ngeke ubenayo imali
yokukhokhela ummeli. Ngisho noma kuthiwa sizama ukuthinta abeGabonese Embassy
ePitoli, abasebenza khona abaziphenduli izingcingo. Abakaze bamuvakashele
esibhedlela noma bamuthumelele izimbali. Abanye abantu abakhalisani naye ngoba
engumuntu oqhamuka ngaphandle kwakuleli.
Ngihlale ngicabanga ukuthi ngangizophatheka kanjani ukuba lokhu kwenzeka
kimina? Udadewethu? Indodakazi yami? Ngingakuvimba kanjani lokhu uma
singamkhombisi umenzi wobubi ukuthi uthando lungaphezu kwenzondo?
Uma unesifiso sokusiza u-Evelyne, ungamthinta ngokuxhumana noBRONWEN
JONES
Tel/Fax (011) 726 6529 Email firechildren@icon.co.za Box 1048,
Auckland Park, 2006.
UBANI OZOKWELAPHA LO MNTWANA?
Odokotela baseNingizimu Afrika abakwazi ukwelapha amehlo kaDorah.
Millawumbe odokotela baseBrithani bangawelapha. U-Bronwen Jones ucela usizo
ngokushesha.
Nginomngane uDorah. Uneminyaka emithathu (3) ubudala. Bafuna ukusika
amehlo akhe bawakhiphe. Yinye kuphela indlela engiyaziyo engasindisa uDorah
kulobu buhlungu bokulahlekelwa amehlo, ukusakazela umhlaba wonke ngalolu daba
olubublungu kangaka. Nokwethemba ukuthi mhlawumbe kuzothinteka uchwepheshe
othile kwezokuh1inza, abe nesihawu asize isikhathi sisekhona.
UDorah uhlala eNingizimu Afrika.Uzalwa ngunina oseyingane kwayena, yena
nonina oneminyaka eyishumi nane (14) ubudala bebehlala emujondolo nogogo wabo
oyimpumputhe nomalume oyisidakwa. Langa limbe umjondolo wabo wathungeleka
ngomlilo. Umntwanyana onezinyanga eziyisikhombisa (7) ubudala wahishwa
amalangabi omlilo wehluleka nokupheflumula washiswa yizingodo ezivuthayo
ezawela ebusweni bakhe. Izandla zakhe zasha cishe zaphela.
Ngizarmile ukubhala ngosizi lukDorah phambilini, kodwa ayibanga khona
impumelelo. Amaphephandaba amaningi enza sengathi abantwana abakhubazekile
ezinye izilwanyana nje okungafanele kukhulunywe ngazo. Ukuthi bazalwe
bekhubazekile noma bakhubazeke ezandleni zabazali, babonwa njengesihloko
esinganambitheki kahle. "Akulona uhlobo lwethu lodaba", asankeneneza
ezindlebeni zami la mazwi.
Senginesikhathi ngivakashela isibhelela lapho uDorah elaliswe khona.
Masonto onke ngiyaye ngibone izingane eziphuze ushevu njengoparafini,
zishayiswe yizimoto, zicindezelwe amasango okuphepha atholakala ebiyele imizi
eminingi lapha eNingizimu Afrika. Abanye badle amakhowa anoshevu noma bayobulwe
amanzi abilayo awe esitofini. Kunezingane ezinamahlaba (pneumonia)
nezineminyaka emibili eziphethwe isifo sohudo kangangoba zingafa nokufa.
Nabazali abazihluphile ukuzobona lezi zingane bangishiya nginokungabaza
ukuthi bazozinakekela izingane zabo ngokuh1akanipha uma kwenzeka zibuyela
emakhaya. Omunye ubaba wayezimele nje nezingubo ezingcolile ezimankiniki,
"ezama ukubopha amafindo kuzo". Wayeqhuba ingane ngebhayisikili eliphushwayo,
enye yayiphethwe yinkosikazi yakhe, kanti abanye abantwana ababili - ababeshe
kusukela emahlombe kuya emadolweni - babelaliswe emibhedheni yabantwana
yasesibhedlela. Bobane laba bantwana babengaphansi kweminyaka emihlanu (5)
ubudala.
Okudabukisa kakhulu yilabo abalahlwe abazali babo. Okomfanyana
okwakuzimoyizelela nje, kondlekile, unina wabulawa isifo sofuba (I-TB) - akukho
namunye owomndeni owake wafika ukuzobona noma ukuzolanda lo mfanyana.
Intombazanyana yomZulu eneminyaka emihlanu (5) yagcina seyiyimpumputhe ngenxa
yesifo solwembu lobuchopho (meningitis). Abomndeni abayiletha lapha esibhelela
abaphindanga babuya. Yayihlala ilele nje ilokhu ibuze njalo: "Uzoza nini umama
ukuzongibona? Yini athathe isikhathi eside kangaka ukufika?" Akekho namunye
owayiphendulayo.
Ngelinye ilanga ngihamba ewodini ngabona umfana osekhulile nje ekhala.
Wayebonakala sengathi uneminyaka elishumi (10). Onesi - bemnakekela, kodwa
bebhizi kakhulu ukumnakekela kangcono - bathi "0 ngu-Wilson lo. Washayiswa
yimoto. Akaphilile kahle," basho bekhombisa ngeminwe ukuthi akaphilile ekhanda.
Nganginikezela ngezincwadi ngesikhathi ngibizwa nguWilson. "Ngice1a uze lapha".
Ngasondela embhedeni wakhe. "Ngicela ungigone ungange" esho ngelipholile.
Ngamanga. Wayesethi "Ngicela ujike ubheke le." Ngathi ngingajika wagaxa
izingalo zakhe entanyeni yami wagaxa imilenze okhalweni, wateta.
Wathi angateta uWilson wayesethi: "Ngicela uhambe nami". Kodwa ngala
ngoba kwakungafanele ngimthathe. Uma ngangingazama ukusiza omunye wabo
ngangiyokhetha bani?
Kuzofanele ngikhethe uDorah. "Ichwane ledada elibi kunawo wonke, idada
lombukiso elihle kunawo wonke." Ukuba wambona uDorah wawuyomesaba. Mhlawumbe
ukhale. Noma ucabange ukuthi mubi akabhekeki. Kodwa akanjalo. Ukuthi nje
akanabo ubuso.
UDorah akazalwanga enje. Wazalwa engumntwana nje ephelele. Ngokwesimilo
usengumntwana nje ophelele. Abafunanga ukumelapha eBaragwanath, isibhedlela
esikhulu kunazo zonke eMzansi Afrika, ngoba base bezitshelile ukuthi uzoshona.
Kodwa namanje uDorah usaphila, udla amabele. Ulwela impilo yakhe ngazo zonke
izindlela. Wafika esibhedlela sase Far East Rand engamalahle, akekho
owayethemba ukuthi uzophila ngaphandle kwakhe.
Kubiza cishe uR500 ngenyanga (cishe u63-pounds - noma umholo wenyanga
kamashanela) ukuthenga imithi namabhandishi ukuhlenga leyo ngxenye yamehilo
kaDorah esele. Unesikhwama semali okukhona kuso ubadlana lokusiza ngokuhlinzwa
kwakhe. Kodwa umbono, ngokomnotho nangokwemithi, uthi awakhishwe amehlo
karDorah.
U-Rob Douw, umphathi onikhulu we-African Merchant Bank, oyisikoshi
ngokuzalwa, ngalelisonto uzinikele ukusiza ngokukhokhela loyo ozonakekela
uDorah. "Sithintekile ngesimo esibuhlungu salo mntwana, sifisa ukusiza"
Abahlinzi abachibiyela umzimba bazicwaningile izithombe zikaDorah. Udaba
luka Dorah seluke lwaxoxwa naku-Internet. Nakuba becabanga ukuthi bangazama
ukubumba ikhala elisha nokumakhela izindebembumbulu ezingamsiza akwazi
ukukhuluma kancane, bonke abanalo ithemba lokuthi amehlo angalungiswa.
Udokotela u-Leonard Pott, uchwepheshe kwezobudokotela nomunye wabelapha UDorah,
uyavumelana nakukhishwa kwamehlo kaDorah ngesizathu sokuthi ayikho into
engenziwa ngawo.
Ikaltulukazi, inhnga yimali. Okunye akuvezile nokunikhathazayo ukuthi
ikhaya lapho hililala khona "Dorali, abekho abantu noma onesi abangakwazi ukuba
nehora noma ngaphezulu benakekela UDorali ngemithi nangamabhandishi. Isitafli
lesi asikwazi ukumelana nobuhlungu UDorali abuzwayo ngesikhathi bemgcobisi
jmithi bemshintsha amabhandishi.
"Inkinga ngernithi namabhandishi okwenza amelilo ahiale effiambile
engomile ukuthi ayanamathela esiltunjeni", kusho udokotela Upon. "Aqirfile
flithi ayadonseka okwenza kube buhlungu uma eseqhaqhwa kanti flithi ayaluma uma
engashintshwa. Kufanele aqine ngoba lena yindawo eshesha ukuzwela. Vele UDorali
useke wavuvukala kule ndawo."
UDorali akanawo amajwabu amelilo. Irnizamo yokwakha amajwabu amelilo
ngesikhumba sakhe ayiphumelelanga ngoba akanazo izicubu ezanele. Isikhumba
esisele ebusweni sishile futhi sinegazi elincane kakhulu.
"Kuzofanele basike izicubu kanye nemithambo yazo; kudingeka imisuka,"
kuchaza udokotela uPott. "Isikhumba sejwabu lamehlo sithola igazi elibuya
ngenhla esiphongweni. Singafa ngaphandle kokuthunyelwa kwaleli gazi. Kufanele
futhi amajwabu amehlo akwazi ukuvuleka nokuvaleka."
Uma ingatholakala indlela yokubumba kabusha amajwabu amehlo kaDorah,
bangakwazi ukumfakela ezinye izinhlamvu zamehlo. "Uma ungamtholela usizo
phesheya uDorah, singazama eminye imizamo," kusho udokotela u-Pott.
"Uma kukhona nje eYurophu ongakwazi ukwenza amajwabu amehlo mbumbulu,
singathanda ukumazi. Sinezithombe nemifanekiso esingamthumelela yona."
"UDorah unobuntu obumangalisayo. Uyathandeka. UhIale isikhathi eside
enganakekelwa, kodwa wabuye wathola ukwelashwa. Ekuqaleni kwaba sengathi
uyelapheka kodwa lokhu kwaba okwesikhashana. Kunezizathu ezinzima zokuba amehlo
kaDora akhishiwe. Uma sinephutha, sizimisele ukuboniswa. Asazi ukuthi senzeni
futhi enye."
Uma udlala noDorah, uyabona ukuthi uyakwazi ukusebenzisa amehlo akhe.
Uyawavikela elangeni, nona ekukhanyeni kwekhandlela ngoKhisimusi. Ukukhanya
nobumnyama yingxenye yempilo yakhe. Usebenzisa kuphela lokhu kuzwa nokubona
okusele okuncane ukuzwa nokufunda.
UDorah uyunpumputhe ngazo zonke izindlela. Kodwa noma ubani omunye wethu
uma kwakufanele akhethe ukwazi ukuthi kusebusuku noma kusemini noma-ke
ajikijelwe ebumnyameni baphakade, sonke singakhetha phakathi kobusuku
nemini.
Ngahamba nomcosheli wezindaba zerediyo ukuya ephathini yokugubha usuku
lokuzalwa lukaDorah lweminyaka emithathu (3), uhleko lukaDorah olumnandi
lwezwakala iNingizimu Afrika yonke. Kodwa angikiwazi ukuthatha abantu
bethelevishini bayomthwebula ngoba ababukeli bajwayele ukubona izingane ezinhle
njengonodoli (Barbie-doll-cute), ngeke bamelane nesimo uDorah ayiso.
Kodwa ngiyafisa sengathi bangasemukela basijwayele isimo sika Dorah.
Ngoba intombazanyana ezwayo, enambithayo, ethintayo, ehogelayo neculayo,
amathunzi okukhanya nobumnyama abaluleke njengayo yonke imizwa yakhe ukwakha
isithombe somhlaba aphila kuwo. Ukungabi nalo ikhala akwenzanga angakwazi
ukuhogela izinto. Uma nje ungake ukhiphe amehlo akhe, lo mntwana uyohlala
ebumnyameni obuphakade. Angikholwa ukuthi angakwazi ukumelana nokulahlekelwa
ngisho eyodwa imzwa yakhe njengoba ekhula nekusasa elimfimfayo.
Noma kukuphi emhlabeni abaphila saka nabakhubazekile bayehlukaniswa.
ENingizimu Afrika ziningi izikhalo ezibhekiswe kuHulumeni nemali kangangoba
umntwana ofana noDorah uthathwa njengonenhlanhla ukuthola uthando
nokunakekelwa. Ayikho imali yokukhokhela ozokwelapha avuselele imizwa kaDorah.
UDorah manje ulilala nezingane ezikhubazeke ngengqondo ekhaya
lamaKhatholika. Uhlakaniphile. Uthanda umculo nokukitazwa utshani phakathi
kwezinzwane. Ngosizo nje oluncane, uDorah angabamba ibhola adlale amahashi
ngokugibela eqolo noma emhlane wenye ingane. Uyathanda ukushununuza nomswinki,
nokuphulula inja. Ukuhlanganisa umsindo nembangela, uyathanda ukucindezela
izinkinobho zamanothi e-keyboard bese ecula amanothi. Izinkiobho zamanothi
ezinkulu angazicindezela kangcono ngezingini zezingalo zakhe.
Isimangaliso ukuthi uDorah wasinda kanjani emlilweni. Mhlawumbe nguye
kuphela umuntu oshe kabuhlungu kanjena osaphila. Manje ikusasa lakhe liyamfimfa
ligcwele usizi nobumnyama. Kungenzeka-nje ukuthi kukhona dokotela thize
onolwazi aluthola empini noma ekusizeni abalimele emsebenzini ongakwazi
ukubumba kabusha isikhumba namathambo obuso bukaDorah, asize umntwana weminyaka
emithathu (3) angalahlekelwa amehlo akhe? Ngamazwi ahlakaniphile
kunengingawabhala ngiyanxusa: "Ungalali uthokomale ulibale ukulwisa ukuphela
kokukhanya." Angibhali lamazwi njengodokotela. Ngibhala njengomuntu owazi kahle
uDorah.